Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Obadiya 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: ‘Sizwile umbiko ovela kuJehova, futhi isithunywa sithunyiwe phakathi kwezizwe, sithi: Sukani, simvukele ukulwa.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Obadiya 1:1
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe,” ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.*


U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.


Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.


Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Isiprofetho ngeDuma. Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”


Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa, kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize.”


Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani, nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,


Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo:


Izinhliziyo zenu mazingadangali, ningesabi imibiko ezwakalayo ezweni, lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka, bese kufika emva kwawo omunye ngomnyaka olandelayo, kube ngubudlova ezweni, umbusi avukele umbusi.


IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.


Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”


Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ