Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 4:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 4:38
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova? Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?


Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”


Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala.


Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.


Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.


Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ