Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 4:3
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.


Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,


Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami.


“Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.


Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.


“Ngilalele wena ndlu kaJakobe, yonke insali yendlu yakwa-Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.


Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula.


Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.


Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:


Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.


Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”


Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ