Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 4:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 4:26
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.


Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.


Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke; nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.


Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.


Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.


Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;


Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.”


“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”


Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”


alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani.


Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na?


“Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.


“Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.


Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ