Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 4:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Wathi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Wathi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 4:24
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”


Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.


Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.


Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.


njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,


Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ