Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 15:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 15:34
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.


Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”


bathi: “UNkulunkulu umshiyile; zingelani nimbambe, ngokuba akakho osindisayo.”


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni.


Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.”


Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;


UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.


Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ