Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 13:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 “Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 13:24
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”


Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.


Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.


Lungubumyama usuku lukaJehova, alusikho ukukhanya, nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.


Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.


nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na?


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ