Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 12:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 UJesu waphendula wathi: “Owokuqala yilo othi: ‘Yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 12:29
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;


Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.


Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


uma impela uNkulunkulu emunye oyakulungisisa abasokileyo ngokukholwa nabangasokile ngokukholwa.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.


“Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye;


kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,


Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.


kuye uNkulunkulu oyedwa, uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ