Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 12:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. kuKesari, noma qha?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 12:14
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.”


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu.


Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.


Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.


Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”


Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi.


Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”


Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.


Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na?


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali,


Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ