Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 10:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 10:24
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,


“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?”


Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”


UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


“Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.


UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.”


Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”


bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;


NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ