Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 1:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 1:27
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”


Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.”


Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.


Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.


Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.


Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi:


Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.


Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.


Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”


Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?”


Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.


Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: “Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ