Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Isiqalo sevangeli elimayelana noJesu Khristu, iNdodana kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 1:1
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele.


Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”


UNathanayeli wamphendula wathi: “Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”


engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ