Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 8:13
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho! njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’


Ishinga lifisa impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.


Umuntu akanakuma ngobubi, kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.


Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.


Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.


“Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.


ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.


Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.


Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.


O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?


uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.


Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube yize.


unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.


Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ