Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Esesondele ngasesangweni lomuzi, wathola kukhona ofileyo owayethwelwe eyongcwatshwa, indodana eyodwa vo kunina, owayengumfelokazi. Kwakunesixuku esikhulu sabantu balowo muzi ababemphelekezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 7:12
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”


Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; bathi: ‘Sinike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo, sichithe indlalifa.’ Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo, bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


U-Eliya wayesethatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”


“Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.”


Wathi: “Ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana.” Wathi: “Hhayi, nkosi, wena muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekukazini yakho.”


Yamthatha, yamyisa kunina; wahlala emathangeni akhe kwaze kwaba semini, wafa.


Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu.


Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”


Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.


Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.”


Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.


Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.


Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ