Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 5:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Kangizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni, ukuze ziphenduke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Angizanga ukubiza abalungileyo, kodwa izoni ekuphendukeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Angizanga ukubiza abalungileyo, kodwa izoni ekuphendukeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 5:32
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”


Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.


Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.


UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.


Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”


Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ