Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 UJesu egcwele uMoya oNgcwele, wabuya eJordani, wayeseholelwa nguMoya ehlane,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 4:1
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.


UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe.


Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,


Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono,


UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile;


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ