Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “Izembe selivele libekiwe ezimpandeni zemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli isithelo esihle, iyakunqunywa, iphonswe emlilweni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 3:9
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”


Wamemeza ngamandla, washo kanje, wathi: ‘Gawula umuthi, unqume amagatsha awo, uvuthulule amaqabunga awo, uhlakaze izithelo zawo; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.


“Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini, ethi: ‘Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle, kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,’


Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.


Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.


Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’


mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu;


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ