Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 23:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 UPilatu wayesethi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UPilatu wayesethi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 23:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”


Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”


Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.”


Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye.


Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.


UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;


“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ