Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 2:9
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.


Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”


Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.


Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso bami.


Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.


Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”


Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.


Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.


U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.


Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,”


Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ