Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 17:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba zingabi bikho izikhubekiso, kodwa maye, kulowo eziza ngaye!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba kufike izikhubekiso, kepha maye kulowo eziza ngaye!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba kufike izikhubekiso, kepha maye kulowo eziza ngaye!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 17:1
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”


“Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso!


“Kepha wathi kuso: ‘Uma bengalaleli uMose nabaprofethi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.’ ”


Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;


Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu,


Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.


Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.


Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ