Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 16:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 16:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”


Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.


Ngalokho ngibizele bonke abaprofethi bakaBali, zonke izinceku zakhe, nabo bonke abapristi bakhe, kungasali muntu, ngokuba nginomhlatshelo omkhulu kuBali; bonke abafunyaniswa bengekho abayikuphila.” Kepha uJehu wakwenza ngobuqili ukuba abhubhise izinceku zikaBali.


nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”


Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.


Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.


Wathi: “Kubafo.” UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile.


“Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.


Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo, nxa ngikhishwa ebuphathini.’


“Khona wathi komunye: ‘Wena-ke unecala elingakanani na?’ “Wathi: ‘Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni.’ “Wathi kuye: ‘Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili.’


Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile.


UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa.


Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa;


Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo.


Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ