Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 13:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 “Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 13:34
46 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho


Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


“Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.


Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


Bamkhipha u-Uriya eGibithe, bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.


‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.


“Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.


Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.


Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.


Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.


“Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.


zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.”


Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ