Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 12:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Kepha ngithi kini, bangani bami: ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza lutho okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kepha ngithi kini bangane bami: Ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha ngithi kini bangane bami: Ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 12:4
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,


“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.


ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;


ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu.


kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.


Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ