Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 11:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “Ngakho-ke ngithi kini: celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Lami ngithi kini: Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, lizavulelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lami ngithi kini: Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, lizavulelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 11:9
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova, uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.


Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ngamvulela-ke othandiweyo wami, kepha othandiweyo wami ubephendukile, wamuka; umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe, ngamfuna, kepha angamthola; ngambiza, kodwa akaphendula.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”


“Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.


kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.


Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.


Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.


Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –


kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.


nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.


Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ