Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 sithethelele izono zethu, njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 11:4
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.


UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.


Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


“Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”


Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”


Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu,


Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?


Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”


Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.


Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.


Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.


Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ