Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 1:17
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Kodwa wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.


Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


Wayesethi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Lokhu uthume izithunywa ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ukuba kubuzwe ngezwi lakhe na? Ngalokho awuyikwehlika embhedeni okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa.’ ”


Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondisele inhliziyo yabo kuwe,


UHezekiya wathokoza kanye nabantu bonke ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungisele khona abantu, ngokuba leyo nto yavela ingalindelwanga.


Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde, nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”


“Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli; njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”


Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika.


lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.”


Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”


Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.


Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo.


Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo


abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Nina ngokwenu niyangifakazela ukuba ngathi: ‘Angisiye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.’


Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,


nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


USamuweli wathi: “Buthani wonke u-Israyeli eMispa; ngiyakunikhulekela kuJehova.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ