Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono –” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni ...,” wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 9:6
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.”


Ngokuba yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na?


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono” – wathi kofe uhlangothi –


“Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”


Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”


ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.


njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.


Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.”


lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane.


Kepha lowo enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo, ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu,


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.


nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ