Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 9:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 9:18
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.


Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.”


Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,


Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.


sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.


Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”


Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”


Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”


Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”


Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.


UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.


UMariya esefike lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.”


Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”


Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ