Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 8:16
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.


Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.


Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.


Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.”


Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.


Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”


UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”


Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”


Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa.


Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.


ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ