Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 6:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 6:30
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”


Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na?


UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.


Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”


Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”


Wayesethi kuTomase: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.”


Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;


ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ