Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 6:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kodwa zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu lokuthomba kungoni, lalapho amasela angafohli khona, ebe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kodwa zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu lokuthomba kungoni, lalapho amasela angafohli khona, ebe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 6:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.


UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.


UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini;


kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ