Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 27:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

51 Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

51 Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 27:51
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.


Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.


Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi, wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*


Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,


Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.


Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi.


kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.


Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.”


esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,


ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ