Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 26:65 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

65 Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

65 Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

65 Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

65 Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 26:65
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.


Azesabanga, aziklebhulanga izingubo zazo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.


noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe, noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende;


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,


Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza.”


Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”


Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”


nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?


Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ