Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 26:45 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

45 Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

45 Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 26:45
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngasemini u-Eliya wadlala ngabo, wathi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.”


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ”


“Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.”


Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.


Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”


Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”


UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu.


“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.


Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ