Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 24:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 24:31
44 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.


UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.


Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,* ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Bavela ezweni elikude nasekugcineni kwezulu uJehova nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuba bachithe umhlaba wonke.


Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone: bonke bayabuthana, bafika kuwe. Kuphila kwami,” usho uJehova, “impela uyakubembatha bonke njengemvunulo, uzibhince ngabo njengomakoti.


“Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone; babuthana bonke, beza kuwe; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


“Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.


Ingelosi yaphendula, yathi kimi: “Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.


“Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo.”


ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.


kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;


Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubutha khona, akulande khona,


“Ngokuba ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, uma kwake kwaba khona into engaka nokuba kwake kwezwakala okungangayo na?


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,


nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.


Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ