Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 23:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 23:8
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.


nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.


Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.”


Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga.


UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”


UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”


Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga.


Wathatha uPetru, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?”


UNathanayeli wamphendula wathi: “Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”


UJesu wathi kuye: “Mariya!” Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”


Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.”


Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”


Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”


Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”


kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.


eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni,


angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.


Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.


kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ