Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 23:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 23:13
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”


“Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


“Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.”


Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*


Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”


Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.


Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”


Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.


Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.


NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni.


umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ