Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 18:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 “Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Kodwa leyonceku yasiphuma, yafica enye inceku kanye layo eyayimkweleda wabodenariyo abalikhulu, yambamba, yayikhama, yathi: Ngikhokhele okukweletayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kodwa leyonceku yasiphuma, yafica enye inceku kanye layo eyayimkweleda wabodenariyo abalikhulu, yambamba, yayikhama, yathi: Ngikhokhele okukweletayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 18:28
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla, noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele, futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.


Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.


Umuntu oswelayo ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.


Bathi: ‘Sizileleni ukudla, ungaboni, na?’ ‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu, ungakwazi, na?’ “Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu niyaqhuba umsebenzi, nicindezele zonke izisebenzi zenu.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.


Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.


“Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’


Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.


Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu.


Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”


Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’


“Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu* abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu.


UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”


Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ