Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 16:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 16:27
45 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.


Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi, ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke nesemisebenzi yonke.”


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.


Inkosi iyakulila, isikhulu siyakwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuhlushwa; ngiyakwenza kubo njengezindlela zabo, ngibahlulele njengezimfanelo zabo, bazi ukuthi nginguJehova.”


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,


“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.”


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”


Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”


Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.


Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”


Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”


Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”


athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”


Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.


oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:


Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.


Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.


Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.


U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ