Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 15:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “Awu mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makwenzeke kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 UJesu waphendula wathi kuye: O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; Indodakazi yakhe yasinda kusukela ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UJesu waphendula wathi kuye: O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; Indodakazi yakhe yasinda kusukela ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 15:28
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.


Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”


Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”


UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.


UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.


UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.


Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”


Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”


Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”


UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo, waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: “Ngithi kini: Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.”


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ