Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 13:52 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

52 Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

52 Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

52 Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

52 Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 13:52
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


“Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke,


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.


Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.


Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.


Amamandragora* athaphuka iphunga, nangaseminyango yethu kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo, ezintsha nezindala, engizibekele wena othandiweyo wami.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


“Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.”


Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.


Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


Ngenxa yalokho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaprofethi nabaphostoli; abanye bayakubabulala, abanye babazingele,’


“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.


njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.


obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ