Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 12:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 12:20
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Manje bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.


Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.


Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.


Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.


Esezwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;


kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu.


Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ