Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 11:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Nokho ngithi kini: kuyakuba ngcono kulo iThire neSidoni ngosuku lokwehlulelwa, kunakinina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 11:22
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;


ukuthume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,


“Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.


Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”


Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.


Kepha kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini.


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ