Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 1:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Kepha uJosefa, indoda yakhe, ngenxa yokuba engumuntu olungileyo, akathandanga ukumthela ngehlazo, wayefuna ukuhlukana naye ngasese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 1:19
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.” UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


“ ‘Olala nowesifazane oyisigqilakazi eyingoduso, engahlengiwe, engakhululiwe ngesihle, makabe nesijeziso, angabulawa nokho, ngokuba wayengakhululekile.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.


Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”


ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.


Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”


Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka.


Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,


“Kepha-ke uma le nto iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ