Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseKolose 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseKolose 3:16
62 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.


Ngokuba nasemihleni kaDavide neka-Asafa kwasendulo kwakukhona abaholi babahlabeleli kanye nezihlabelelo zokudumisa nezokubonga uNkulunkulu.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami.


Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.


Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*


Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.


Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.


ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.


Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi: Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.


Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.


Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.


Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.


Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.


Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana.


Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.


Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,


okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.


kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.


Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.


Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.


Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.


ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.


Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ