Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseKolose 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseKolose 2:11
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


“Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ”


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


“Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi:


kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama, okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.


sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na?


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.


akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,


Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.


Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,


Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ