Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 4:9
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.


Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.


UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”


khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha.


“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi;


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.


Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.


kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?


Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,


Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ