Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 3:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Kodwa ngaphambi kokuba kufike ukukholwa, sasivalelwe phansi komthetho, sasiqashelwe yiwo kwaze kwembulwa ukukholwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa kamuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa kamuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 3:23
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.


Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ