Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ngifuna ukwazi lokhu kuphela kini, ukuthi namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Yilokhu kuphela engifuna ukukufunda kini: Namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yilokhu kuphela engifuna ukukufunda kini: Namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 3:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele,


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho;


Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.


ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?


Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?


uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.


Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ