Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Nomthetho awusiwo ongowokukholwa, kodwa uthi: Umuntu owenzayo uyakuphila ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Nomthetho awusiwo ongowokukholwa, kodwa uthi: Umuntu owenzayo uyakuphila ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 3:12
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo, baphendula ihlombe ngenkani, benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.


Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.


Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”


kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho;


Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke,


ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ